Umqeqeshi weMarumo Gallants uRaymond Mdaka uthi bekufanele basebenzise amaqhinga okupholisa umdlalo ngoba iKaizer Chiefs ibihlasela ngamandla.
IChiefs neGallants bacazelane amaphuzu eRoyal Bafokeng Stadium namuhla emini. Umdlalo uphele ngo 1-1.
UMdaka uvumile ukuthi isikhathi bebesimosha ukuze bezokwehlisa umgqigqo weChiefs. Oyedwa wabafana abagada amabhola ugcine ekhishiwe kulomdlalo ngenxa yokumosha isikhathi.
Unompempe uThokozani Mkhize uhletshelwe uKhune ngomkhuba wabafana abagada ibhola.
“Angeke ngivume kodwa kufanele upholise umlilo uma usuzwela ukushisa. Uzosha iminwe uma ungawucishi umlilo.
Kufanele uthole indlela yokwehlisa umgqigqo ngoba iChiefs ibihlasela ngamandla. Bekuphoqa ukuthi siyehlise ukugijima kwayo ngezinto ezincane ukuze sizopholisa umdlalo.
IChiefs izohlala ngaphezulu kwakho uma uyihlasela, kungenzeka uhlulwe nasemdlalweni,” kubeka uMdaka.
IGallants iqede umdlalo ingasaphelele kukhishwa isitobha u-Olivier Toure ngekhadi elibomvu.
UMdaka usabambile njengoba engasekho uRomain Folz owasula emsebenzini, ecasulwa ukwehliswa esikhundleni emdlalweni weSwallows.