Umnikazi weRoyal AM, uShauwn Mkhize, usekuchithile ukuthi umqeqeshi uDan Malesela usesulile esikhundleni sakhe sokuqeqesha kuleli qembu.

UMalesela ukhonjwa kwiMarumo Gallants, abeyipheka ngesizini edlule, kulandela ukushiya kukaRomain Folz obephikwa yimphumela kule sizini. Selokhe kuqale isizini uMalesela wenza umsebenzi omuhle noKhabo Zondo kanye no-Abram kwiRoyal AM. Iqembu lihlezi kunombolo 4 ngemuva kwemidlalo ewu-8.

“Ngeke ngikwazi ukuphawula ngamahemuhemu. Ngiphawula ezindabeni zangempela. Indaba yokuthi uMalesela usulile ayikho,” kusho uMaMkhize.

Ebuzwa yiKickOff ngalolu daba uMalesela naye ukuchithile ukuthi usesulile kodwa uthe kunezingxoxo eziqhubekayo phakathi kwakhe nomengameli weqembu.

“Udaba lwangaphakathi, aludingi abanye abantu. Akekho osakhulume nami, izinto engizifunda ezinkundleni zokuxhumana nje,” usho kanje.