Ukapteni we-Orlando Pirates u-Innocent Maela uthi uzozimisela ngokuphindiwe ukuze ezogcine ebuyelwe indawo yakhe kwiBafana Bafana. 

UMaela uyibukele ehleli ekhaya iBafana enqobe indondo yethusi kwi-Africa Cup of Nations (AFCON) ebibanjelwe e-Ivory Coast. 

UMaela uxinwe ukulimala ngonyaka odlule, wagcina engabizwanga nasesikwatini. Lomdlali ubengabonakali nasesikimini seBucs ngenxa yokuthinteka obekuvuka noma esezitshela ukuthi usengumqemane. 

UMaela wayeyisethenjwa kuBroos ngaphambi kokulimala. Usabonakale emidlalweni engu-8 yeligi kulesizini kanye nowodwa weBafana eyashaya iDR Congo ngo 1-0 kowobungani ngoDisemba. 

“Bengilindele ukuthi ngingabizwa esikwatini se-AFCON ngoba ngaxinwa ukulimala isikhathi eside. 

Ngibuye sekuzophela unyaka, ngicabanga ukuthi umqeqeshi ubesenqumile ngabadlali azobaqoka esikwatini. 

Akuphelile ngami neqembu lesizwe. Ngizokulwela ukubuyela eqenjini lesizwe. Kufanele ngizimisele uma nginikezwe ithuba eqenjini. IBafana idlale kahle, yafinyelela kuma-semifinals e-AFCON, angiboni kunomuntu obekulindele lokho,” kuchaza uMaela. 

IBafana izobhekana ne-Andorra ne-Algeria kweyobungani ehlelelwe ukudlalwa ngekhefu leFIFA. 

“Ngijabule ngokubuyela ensimini, ngibuyise nezinga lami. Siwuvale kabi unyaka, silahle amaphuzu amaningi, sathola induku emidlalweni emibili ebalulekile. Ngifuna ukugxila eqenjini lami ukuze kuzovuleka indlela ebuyela kwiBafana,” kuchaza uMaela.