Umdlali we-Orlando Pirates uThembinkosi Lorch usebathembise induku omkhaya iKaizer Chiefs abazobhekana nabo ngoMgqibelo eFNB Stadium. 

ULorch ubekhuluma ngemuva kokuqokwa njengomdlali ovelele ngesikhathi beguqisa iSekhukhune United ngo 1-0 kwiligi. 

Lomphumela uqede ishobolo lemidlalo emine iBucs ingakaze iwine. EzikaRiveiro zikhuphukele endaweni ka-9, ngaphezulu kweChiefs ehleli kunombolo 11. 

Bekuyihlandla lesithathu uLorch eqokwa njengomdlali ovelele selokhu walulama ngokugcwele. 

UNyoso wavotelwa njengomdlali ovelele emidlalweni emibili yeCarling Knockout bebhekene neCape Town Spurs neRichards Bay ngokuhlukana kwemizuliswano. 

“Umdlalo ubusinda, nathi besikhombisa ukukhathala. Sesibheke umdlalo weChiefs ngoMgqibelo. 

“Bekubalulekile ukuthola amaphuzu amathathu ngoba besingekho efomini emidlalweni emine edlule. Lomphumela uzonyusa ukuzethemba ngaphambi komdlalo wangoMgqibelo. 

“Kuzoshuba emdlalweni weChiefs kodwa sizowuhlelela ngokufana neminye imidlalo. Siyofuna amaphuzu amathathu emdlalweni. Silwela ukunqoba njalo uma sidlala,” kubeka uLorch ekhuluma nabeSuperSport TV. 

Umdlalo womkhaya uzoqala ngehora lesithathu emini (15:30).