Umgadli waMaZulu uChidi Kwem uthi bangakwazi ukulwela iligi, inqobo nje uma yena nabagadli uGabadihno Mhango noBonginkosi Ntuli bezozimisela beshaye amagoli alishumi umgadli emunye.

“Sizokwazi ukulwela iqembu uma sobathathu sizokwazi ukushaya amagoli alishumi. Lokho kuchaza ukuthi sizoshaya amagoli angu-30, angeke sibheke amagoli kwabanye abadlali,” kubeka uKwem.

Kusukela kuqala isizini, umqeqeshi waMaZulu uBrandon Truter ubophela abagadli abathathu esikimini zisuka.

UKwem, oseshaye amagoli amabili, uzwakala eyithanda indawo ayinikezwe umqeqeshi. UMhango unamagoli amathathu, uNtuli usashaye elilodwa.

“Ngiyakwazi ukudlala ezindaweni ezahlukene, anginayo inkinga nokudlala nabanye abagadli. Lokho kuchaza ukuthi umqeqeshi ufuna sihlasele zisuka, nathi siyamlalela.

UNtuli uyakwazi ukubamba ibhola kahle, uMhango ugijima ezikhaleni, mina ngilinda ebhokisini noma ngizame ukuvula izikhala ezimpondweni.

Sidlala ibhola esilijwayele. Siyancintisana kodwa sifakelana ingcindezi,” kubeka uKwem.

AmaZulu azobhekana neKaizer Chiefs emdlalweni weligi ngoMgqibelo.

Lamaqembu a ziphinde atholane emidlalweni emibili kuma-semifinals eMTN 8.

UKwem uthi ufuna bayizwe izindawo ebuthaka kuzona kulomdlalo weligi.

“Kuhle ukubhekana neChiefs kulempelasonto ngoba sizodlala nabo kwiMTN 8. Sizobheka izindawo abaqine kuzona, nezindawo abathambe kuzo. Sifuna ukufika emdlalweni womkhumulajezi sesinolwazi ngobungozi beChiefs,” kubeka lomdlali.