Umqeqeshi weMoroka Swallows uSteve Komphela ugcizelela ukuthi ezakhe zizoqhubeka nesitayela sokuqala ibhola emuva yize bedliselwe yiphutha bebhekene neKaizer Chiefs. 

ISwallows ihlulwe iChiefs ngo 1-0 eDobsonville Stadium ngeSonto. Igoli likaChristian Saile laqhamuka ngephutha lomdlali weziNyoni owaphucwa ibhola endaweni ebucayi besazama ukuqala ibhola emuva. 

“Kufanele siqhubeke nesitayela sethu. Kuzomele sizethembe, angeke sishintshe indlela yokudlala noma silandela ngemuva emidlalweni. Ukuqala ibhola emuva kwenza izinto zibe lula ngoba nifika ebhokisini lezitha niliphethe ibhola. 

Abadlali bayatatazela uma umqeqeshi ekhombisa ukungahlaliseki. Abadlali ngiyabachazela ukuthi abaqale ukuphasa ibhola emuva, bakhuphuke nalo ukuze bezokhanda amathuba kalula. 

Umuntu ongakaze esibone sijima uyaxakeka uma ebona ibhola esilidlalayo.Kubalulekile ukwazi isikhathi esifanele sokuphasa ibhola,” kubeka uKomphela ekhuluma nabeSuperSport TV. 

UKomphela ukholwa ukuthi liyasebenza iqhinga lokuqala ibhola emuva yize behlulekile ukubhakuzisa inethi eDobsonville. IziNyoni zalikhahlelela kanye ipali emdlalweni. 

“Asikaze sitatazele ngesikhathi siqala ibhola emuva, senze iphutha elilodwa emdlalweni. Wonke amaqembu aqala ibhola emuva anenkinga yokungenelwa amagoli ngenxa yamaphutha,” kuchaza uKomphela. 

ISwallows inomdlalo weDSTV Premiership nomkhaya i-Orlando Pirates e-Orlando Stadium ngomhlaka 5 kuDisemba.