Ukaputeni we-Orlando Pirates u-Innocent Maela uthi ulwazi aluncela kwizinkakha zeqembu uLucky Lekgwathi noHappy Jele luzomsiza kakhulu kulesizini.

“UHappy Jele wanginikeza iziyalo ngesikhathi ngiqokwa njengokaputeni. ULucky Lekgwathi naye wakhuluma nami.

ULekgwathi wangitshela ukuthi angingananazi ukukhuluma naye uma nginenkinga. Iqembu linabadlali abaningi abangabaholi. Ngizokwazi ukukhuluma nabanye abadlali abadala uma kukhona engifisa ukukwazi.

Ubhuti wami omdala uTshepo (Masilela) wangifonela, wangixoxela ngobuholi kanye namabhuku okufanele ngiwafunde akhuluma ngobuholi. Kufanele ngimele izinto engizenzayo, nangendlela engidlala ngayo eqenjini.

Angeke udlale isikhathi eside kwiPirates uma ungazethembi. Ngiyazethemba kakhulu, akukhathalekile ukuthi ngigqoke ibhande noma cha. Kufanele ubonakale enkundleni,” kubeka lomqeqeshi.