Umqeqeshi weSuperSport United uGavin Hunt uthi ukunqoba kwiMamelodi Sundowns kuchaza ukuvuna izithelo zokusebenza kanzima kulesizini.

AmaTsatsantsa A Pitori anqobe ngo 2-1 kulomdlalo weligi obubanjelwe eLucas Moripe Stadium ngoLwesihlanu.

Amagoli eSuperSport ashaywe uThapelo Maseko noBradley Grobler esiwombeni sokuqala. Igoli leSundowns livalelwe enethini u-Abubeker Nasir esikhathini esengezwe unompempe esiwombeni sesibili

UHunt uthe ujabule ngokuphumelela kwemizamo yabo yokuvala iSundowns.

“Asikaze sivune imiphumela kulesizini. Amaphuzu amathathu siwathole ngoba simake kahle emuva. Kodwa ngiphoxekile ngegoli elingene ngakithi. Bekufanele simake kangcono ngoba ibhola elingenile belingayona ingozi.

Sidlale kahle, sikwazile ukuphula sihlasele iSundowns. Bekuphoqa ukuthi sishintshe indlela yokudlala ngoba sishodelwa abadlali. Siyashoda kakhulu,” kubeka uHunt ekhuluma nabeSupersport TV.

UHunt uthi kusashoda abadlali abambalwa abanesipiliyoni kwezakhe njengoba iwindi lokuhwebelana ngabadlali lisavuliwe.

“Sizoqhubeka nokuzimisela kodwa sengithemba ukuthi sizosayinisa abadlali abambalwa lingakavalwa iwindi,” kubeka uHunt.