Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro usekuqinisekisile ukuthi umdlali osemncane uRelebohile Mofokeng uzama inhlanhla kwiWolverhampton Wanderers edlala kwi-English Premier League.
IzNgemuva kokuba yingxenye yeqembu elalizinze eSpain kungakaqali isizini, uMofokeng usebonakale amahlanda angu-11 edlala kulesizini.
Ekhuluma esithangamini nabezindaba ngaphambi komdlalo weCarling Knockout neCape Town Spurs, uRiveiro uqinisekise konke obekuhemuzwa ezinkundleni zokuxhumana ngalo mdlali kulandela umbiko weSABC Sport, ethe ubheke kwi-EFL Championship.
“URelebohile use-UK, uzama inhlanhla kwiWolves,” kubeka uRiveiro.
UMofokeng (18) uqale ukubonakala eqenjini elikhulu leBucs ngesizini ka-2022/23. Waqala umdlalo weligi owaphela ngo 1-1 bebhekene neRoyal AM.
Washaya igoli lakhe lokuqala beshaya AmaZulu ngo 4-0 emdlalweni wokugcina kwiDSTV Premiership ngesizini edlule.
URiveiro uthi uMofokeng unethalente elingambeka ezingeni eliphezulu yize esemncane ngokweminyaka.
“URele ukulungele okuza ngakuye. Mina ngimbona efanelwe ukuyodlala e-Europe noma eneminyaka engu-18. Abadlali abaneminyaka engu-18, 19, 20 bayadlala emaqenjini amakhulu e-Europe.
Kufanele sishintshe ukucabanga ngabadlali abasebancane, angeke sibambezele umdlali sivike ngokuthi usemncane. Uma izinga lakho liphezulu, kufanele unikezwe ithuba.
Siyalazi ithalente eliphethwe uRele. Konke kulele ezandleni zakhe. Siyajabula ukubona uRele eyozama kwiWolves. Ngithemba ukuthi angeke kugcine ngaye,,” kubeka lomqeqeshi.
IBucs izobhekana neCape Town Spurs e-Orlando Stadium ngoLwesihlanu (19:30).