Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uthi imiyalezo engaqondakali ethunyelwe uNjabulo Blom iyona emenze wahoxisa lomdlali esikwatini seBafana Bafana.
UBroos uthi uthole ulwazi lokuthi uBlom ulimele ophinde washintsha inkulumo esecelwa umbiko wodokotela. Lomdlali weSaint Louis City ube esevuma ukuza ekhempini yeBafana.
Ekhuluma kuSABC 1 ngokuqokwa kwesikwati, uBroos uthe uphoxekile ngoBlom.
“Akwenzeki ngiqoke umdlali ongekho ezingeni esikwatini. Okunye okubalulekile ukuthi umdlali acabange ngendlela ephusile.
“UBlom usithumele umyalezo ngoMsombuluko esichazela ukuthi angeke afike ekhempini ngoba ulimele ehlombe. Ngilandele ngokucela umbiko wodokotela. UNjabulo Blom usithumele umyalezo ngemuva kwezinsuku ezimbili, echaza ukuthi uzokwazi ukuzomela izwe. Akazange athumele nombiko wodokotela.
“Akusikho okokuqala kwenzeka lokhu ngomdlali. Angiboni kuyingqondo ephusilen lena. Abadlali uyabezwa bekhuluma ngokulambela ukudlalela iqembu lesizwe kodwa bahluleke ukumela izinto abazikhulumayo. Yingakho ngimbeke eceleni uBlom,” kubeka uBlom.
IBafana izokwamukela iBenin emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026 ozobanjelwa eMoses Mabhida Stadium ngomhlaka 18 kuNovemba. EzikaBroos zizolandela ngokudlala neRwanda ngomhlaka 21 kuNovemba.