Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uthi ukungazimiseli ngokwanele eqenjini lesizwe yikhona okuphuthisele uFagrie Lakay ngendawo esikwatini esizolibangisa kwi-Africa Cup of Nations (AFCON). 

ULakay (26) useshaye amagoli amathathu emidlalweni engu-23 ye-Egyptian Premier League kulesizini. Lomgadli wePyramids wayeshaye amagoli angaphezulu kweshumi ngesizini ephelile. 

Iningi labalandeli bakhombise ukudinwa ngesikhathi lingaveli igama likaLakay esikwatini sikaBroos kwazise lomgadli unesipiliyoni sokudlala kwimiqhudelwano yeCAF. Abathandi bathuke kakhulu kwazise abagadli abazinze phesheya uLyle Foster noLebo Mothiba bahoxile esikwatini ngezizathu ezehlukene. 

UBroos uthi uLakay akazivezanga emidlalweni ayitholile eqenjini lesizwe. 

“Angikholwa ukuthi bekufanele ngimbize. UFagrie ubeyingxenye yesikwati emidlalweni edlule, akakhombisanga izinga eliphezulu ngesikhathi edlaliswa. 

Akajwayele ukudlala kwiPyramids. Ngithathe isinqumo sokumshiya ngaphandle,” kuchaza uBroos ekhuluma nabezindaba. 

UBroos uzofolosa ngoThemba Zwane, Percy Tau, Oswin Appollis, Zakhele Lepasa no-Evidence Makgopa.