Umqeqeshi weStellenbosch FC uSteve Barker uthi basazongena emakethe ngenhloso yokuvala izikhala ezivuleke bedayisa u-Iqraam Rayners noDeano Van Rooyen. 

URayners useqalile ukujima neMamelodi Sundowns yize ingakamethuli ngokusemthethweni, kanti uVan Rooyen usayine kwi-Orlando Pirates.

IStellies siyiqale ngegiya eliphezulu iCAF Confederation Cup sihlula iNsingizini Hotspurs ngo 3-0 emlenzeni wokuqala obubanjelwe eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo.

“Kuyasiphoqa ukuthi sisayine abanye abadlali. Sidedele umdlali wasemuva omuhle (Van Rooyen), siyashoda kuleyondawo. Ngikholwa ukuthi uKyle (Jurgens) uzofinyelela ezingeni eliphezulu, kodwa ngimbona emuhle enkabeni yesisu. 

“Udlale kahle emuva kodwa ngifuna abange ijezi noSihle (Nduli) esiswini. Siyamdinga umdlali wasemuva kwesokudla futhi kudingeka sithole umdlali ozovala isikhala sika-Iqraam,” kuchaza uBarker ekhuluma nabezindaba.

IStellenbosch sisengcupheni yokulahlekelwa abanye abadlali abafunwa amaqembu aseGauteng. U-Ismaila Toure noFawaaz Basadien bafunwa uthuli iKaizer Chiefs esijikiswe kabili nezicelo ebezingagculisi.

UBasadien ushaye igoli elilodwa kulomdlalo, amanye ashaywa uDevin Titus no-Andre De Jongh. 

“Siyiqembu elingathuswa yingcindezi, siyakwazi ukuqhubekela phambili noma sihlangabezana nezingqinamba. 

“Kunzima ukulahlekelwa abadlali abamqoka njengo-Iqraam noDeano. Okuhle ngalokho ukuthi kuzovulela abanye abadlali amathuba. Sinabadlali abasebancane abalilambele ithuba lokudlala. Sizoyithola indlela yokuwina, sayihlula iGalaxy, njengamanje sesingene ngonyawo olulodwa emzuliswaneni olandelayo,” kusho uBarker.