Ukunqoba kweBanyana Banyana ngo 2-0 ibhekene neBurkina Faso emzuliswaneni  wokugcina wokuhlunga kuyibekisele ngendawo kumqhudelwano weCAF Women’s Africa Cup of Nations (WAFCON) ozosingathwa ngonyaka ka-2024. 

Umdlalo womlenze wokuqala waphela zibambene ngo 1-1 e-Ivory Coast ngesonto eledlule. IBanyana iqedele umsebenzi ekhaya, yadlulela phambili ngo 3-1 uma sekuhlanganiswe imiphumela yemilenze emibili. 

Umqeqeshi uDesiree Ellies ubone kunezinto ezidinga ukulungiswa yize iqembu seliqinisekise indawo.  

“Besingakwazi ukuxhumana ngamaphasi esiwombeni sokuqala. Sibanikeze ithuba lokushaya igoli, kwasiza uKaylin Swart. Ngesikhathi sisekhefini, ngibachazelile abadlali ukuthi abangajahi kepha baphaselane eduze ngoba izikhala zizovuleka. 

Zigcine zivulekile izikhala, sathola ithuba elihle sekuzoyiwa ekhefini. Bekufanele kuyiwe ekhefini sesihamba phambili. 

Ngibatshelile ukuthi abaqhubeke nokuncenga amaphasi ngoba igoli lizolandela. Sikwazile ukulawula umdlalo kodwa besinenkinga yamaphutha,” kuchaza u-Ellis ekhuluma nabezindaba. 

U-Ellis ugcizelele isidingo sokunciphisa amaphutha njengoba bezovikela iWAFCON ngonyaka ozayo.

“Sikhulumile ngokunciphisa amaphutha ngoba bengasijezisa ngawo. Igoli lesibili liwuqedile umdlalo. Ngiyajabula ngoba sizibekisele ngendawo, bekunzima ukuhambela eBurkina Faso. Ukuqina kwabadlali kusizile kakhulu,” kuchaza u-Ellies.