Umdlali weBanyana Banyana uNomvula “Lipstick Lady” Kgoale udlulise amazwi okubonga kwibhange iTymebank ngokuxhasa iqembu lesizwe ngo-R2 million ozongena ezikhwameni zabadlali ngqo.
UKgoale uthi lemali ibizocwila ukube ithunyelwe kwiSouth African Football Association (SAFA).
AbakwaTymeBank bebegcina isethembiso abasenza ngaphambi kokuqala kweNdebe yoMhlaba eyayibanjelwe eNew Zealand nase-Australia ngokuhlanganyela. IBanyana yabhekana nengqinamba ngesikhathi igejana nezikhulu zeSAFA kubangwa indaba yamabhonasi.
“Sijabule kakhulu sibona imali ithunyelwa kumabhange abadlali. AbakwaTymeBank benze kangcono ngokungafaki ezinye izinhlangano kuloludaba. Besizotshelwa ngendaba yentela noma ezinye izizathu. Bekungenzeka singayitholi kwayona imali.
“Siyajabula kakhulu ngoba imali ithunyelwa kubanikazi, okungabadlali beBanyana. Azikho izinkinga esizobikelwa zona,” kubeka uKgoale ekhuluma nabezindaba.
Oyisikhulu sakwaTymeBank uCheslyn Jacobs ukuqinisekisile ukuthi isamba sika-R2 million sithunyelwe ngqo kumabhange abadlali. UJacobs uthi abakhulumanga neSAFA ngoba abanaso isivumelwano sokusebenza nayo.
“Imali siyithumele kubadlali ngqo. Lemali engu-R2 million ithunyelwe kubabadlali nabanye ababeyingxenye yeqembu ngesikhathi kudlalwa iNdebe yoMhlaba. Ngibala ngisho umshayeli nomsebenzi ohlanganisa ijezi.
“Sathatha isinqumo sokuhlukanisa imali ngokulingana, itholwe abadlali bonke. Sihlukanise imali ngabantu abangu-42, okuyiqembu lonke.
“Asibona abaxhasi beSAFA abasemthethweni. Angiboni kufanele sixoxe nabo indaba yamabhonasi. Besifuna ukuqinisekisa ukuthi bonke abadlali bathola imali iphelele,” kuchaza uJacobs.
UJacobs uthi ukukhokhela abadlali bekuphazanyiswa yingqinamba yokungakwazi ukuhlanganisa abadlali endaweni eyodwa.
“Kunzima, kukhona abadlali abazinze phesheya kwezilwandle, abanye bakhona eNingizimu Afrika. Bekunzima ukuhlanganisa abadlali. Besihlele ukubasingatha emahhovisi ethu, lokho kuphazamise izinto eziningi,” kuchaza uJacobs.