Njengoba ISuperSport United isebenzisa iPeter Mokaba Stadium uma isingatha imidlalo yasekhaya, umqeqeshi weqembu uGavin Hunt uthi lesi sinqumo sigqilaza abadlali futhi abasakwazi ukubamba umgqigqo.

AmaTsatsantsa azobhekana neCape Town Spurs kwiDSTV Premiership, emdlalweni ozobanjelwa e-Athlone Stadium namuhla ebusuku.

UHunt uthi ukudlala ePolokwane kuyagqilaza ngoba abanaso isikhathi esanele sokulungisela imidlalo. 

“Isikwati sethu sincane ngokwesibalo uma uqhathanisa namanye amaqembu. Kufanele sihlakaniphe, siyashoda ngezitobha.

“Ukudlala ePolokwane kuchaza ukuthi asikho isikhathi sokujima. Ngaphambilini bekuyisikhathi esilingana nosuku ukuphumula ngemuva komdlalo manje sekuyizinsuku ezintathu. 

“Ukudlala ekuhambeni kuyizinsuku eziyisithupha, siyagqilazeka kakhulu. Isikhathi sokujima asikho.  Ngeke kujimeke ngoba kunesikhathi sokuhambela imidlalo. Kudingeka ukuthi siphumule ngoba isikhathi sokujima siyancipha,” kubeka uHunt ekhuluma nabezindaba.

UHunt uhlabe ikhwelo kubadlali, ebatshela ukuthi ababhukule ngoba iningi lidlalela ikusasa eqenjini.

“Baningi abadlali abamqoka abangekho. Abadlali abakhona kufuneka baphakamise amasokisi uma bethola ithuba. 

Bonke abadlali babalulekile. Ngabachazela kuqala isizini ukuthi bazodlala bonke, lokho sekwenzekile. 

Akekho umdlali ongadlalanga. Badlalela ikusasa eqenjini,” kusho lomqeqeshi.

ISuperSport izobhekana neSpurs esiqhugayo kwazise sixoshe umqeqeshi uShaun Bartlett ngoMsombuluko.

ISpurs sesihlulwe emidlalweni eyisikhombisa kwiligi, sibambe amabhuleki emsileni, akubonwa ngisho nephuzu.