Abaseshi baseFrance bamatasa baphenya izinsolo zokusabisa nokufunwa imali ngenkani ezibhekiswe kuPaul Pogba.
Kuvela ukuthi umfowabo kaPaul uyena ohola ithimba elizama ukuqola lomdlali weJuventus.
UMathias nabangani bakhe, abamjwayele uPaul kusukela besakhula ndawonye eParis, bafune u-€13 million, bekhala ngokuthi lomdlali akabanaki kusukela wathola udumo ebholeni.
Amaphoyisa asekuqinisekisile ukuthi uPaul ubeseyikhokhile imali engu-€100 000 kuleliqembu lezigebengu ezifuna aguge iphakethe.
Alikho icala elisavuliwe okwamanje kodwa uPaul utshele abaseshi ukuthi lezigebengu zimfuna imali ngesizathu sokuthi zazimgada ngesikhathi esakhula eFrance.
Kuvela ukuthi izigebengu zibeke nombandela wokuthi zizoneka amahlazo ngaye zidalule ukuthi wazama ukuthakatha uKylian Mbappe ongumdlali weqembu lesizwe laseFrance.
UPaul uzichithile lezinsolo.
UMbappe ubengakaze aphendule kulezinsolo.
Kuvela ukuthi umqeqeshi weFrance uDidier Deschamps unolwazi ngaloludaba kodwa usasihlola isimo ngaphambi kokuthatha isinqumo.