Umdlali we-Ivory Coast uJean Michael Seri uthi ukudlulela kuma-quarterfinals e-AFCON yikhona obekubalulekile ukudlula ibhola elihle ngesikhathi bebhekene nezimfivilithi iSenegal izolo ebusuku. 

I-Ivory Coast inqobe ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi kulomdlalo ophele zibambene ngo 1-1 kwi-extra time. 

USeri, oqokwe njengomdlali ovelele, uthi besingekho isidingo sokudlala ingcwenga yebhola. 

“Asiwuqalanga kahle umdlalo, sivuke emaqandeni sesingenelwe yigoli. Sidlale siyimbumba enkundleni, salawula umdlalo ngesikhathi sesilandela ngemuva. Okubalulekile ukuthi sidlulele kuma-quarterfinals,” kubeka uSeri ecashunwa abeCAF Online. 

Kuyiwe ekhefini iSenegal ihamba phambili ngegoli likaHabib Diallo elingene ngomzuzu wesine. 

I-Ivory Coast ibuye sekuzophela umdlalo ithola iphenathi evalelwe uFranck Kessie ngomzuzu ka-86. 

“Asikaze sitatazele, umqeqeshi usitshele ukuthi asiqhubeke nokufaka umoya ngesikhathi sisekhefini. Sibumbanile ngoba besilwela izwe. Okubalulekile ukudlulela kuma-quarterfinals. ICote d’Ivoire idlulele emzuliswaneni olandelayo, yilokho okubalulekile,” kuchaza uSeri.