USihlalo weMamelodi Sundowns uThlopie Motsepe ufunga uyagomela ukuthi iqembu lizokwenza okusemandleni ukuze linqobe iCAF Champions League ngesizini ka-2024/25.
Ukukhishwa kabuhlungu esigabeni sama-semifinals kumasizini amabili adlule kuphoqe iqembu ukuthi lishintshe umshovo njengoba liyozicijela e-Austria ngaphambi kokuvulwa kwesizini.
IDowns yabamba ikhempu eNetherlands ngonyaka odlule, yaphothula amalungiselelo ingakaze iyithole induku emidlalweni emine.
UMotsepe uthi iChampions iphezulu kwizinfumo zeqembu kulesizini.
“Sizoqinisa kakhulu kwiCAF Champions League kulesizini ezoqala. Besikulangazelele ukufinyelela kowamanqamu ngesizini edlule, ukusala kancane kuzosigqugquzela. Sahluleka sesisondele kowamanqamu.
“Simatasa sizama ukulungisa amaphutha kulokhu. Sizohambela e-Austria ngenhloso yokuqala amalungiselelo esizini entsha. Iqembu lizofulathela ngomhlaka 13. Lekhempu ibaluleke kakhulu ngoba siyolungisela ukuqeda ngeshobolo leChampions League,” kuchaza uMotsepe ekhuluma nabezindaba.
UMotsepe uthi izinhlelo eseziqalwe yiqembu zimenza anyukelwe ithemba ngesicoco seChampions League.
“Angeke ukungabaze ukuthi siyayifuna lendebe. Siyilangazelele kakhulu, kanjalo nabalandeli. Akufanele kugxekwe abadlali ngoba sebenesipiliyoni sokudlala e-Africa. Isikhathi ebesingakafiki, kufanele silwele ukufinyelela kowamanqamu.
“Simatasa ngamalungiselelo okwamanje. Siqinisa iqembu ngaphambi kokuyobamba ikhempu e-Austria. Sifuna ukubuya nolwazi olusiza sikwazi ukukhonya kwiChampions League, siyocijela ukuthatha igxathu eliya phambili e-Africa. Nginethemba lokuthi sizobe sikulungele ukubuya neChampions League kulesizini,” kubeka uMotsepe.
UMotsepe uthembise ukuthi iDowns izomemezela abadlali abasha bengakaluthathi uhambo lwase-Austria.
ISundowns isidedele abadlali abayisithupha okubalwa kubo uBongani Zungu, Gaston Sirino, Brian Onyango noThabiso Kutumela.
U-Abubeker Nasir noNgobeni nabo sebeshiyile eChloorkop. Kubikwa ukuthi noJunior Mendieta uzosayina kwiVolos yaseGreece.