Umqeqeshi okuvela ukuthi ushiye phansi kwiMarumo Gallants uRomain Folz, usebizelwe umhlangano yizikhulu zeqembu ezifuna ukumqondisa izigwegwe njengoba engafikanga emdlalweni weDSTV Premiership izolo.

UFolz ubengabonwa nangokhalo ePeter Mokaba Stadium emdlalweni weGallants neSwallows.

Kuvela ukuthi lomqeqeshi usuke isigubhukane ekuseni ngeSonto ekhalaza ngezikhulu ezigcambukela emsebenzini wakhe, ziphinde zihlulwe ukuphatha iqembu ngendlela efanele.

Iziko labezindaba iKickOff libika ukuthi izikhulu zeGallants zihlela ukumbhabhadisa lomqeqeshi ngesenzo sakhe sokungalubhadi emdlalweni izolo.

“Umqeqeshi bekufanele afike kanye neqembu ngoba igama lakhe belibhaliwe ohlwini leqembu.

Asitholanga umyalezo noma umbiko ovela kuyena mayelana nokungafiki kwakhe enkundleni. Ngithemba ukuthi sizothola zonke izimpendulo uma esefika ngoMsombuluko,” kubeka umthombo.

Kubikwa ukuthi uFolz usule esikhundleni ngoba ecasulwa ukwehliswa esihlalweni sokuba umqeqeshi, wabekwa njengephini likamqeqeshi.

URaymond Mdaka uyena obebambe izintambo izolo. IGallants idlale ngokulingana (1-1) ibhekene neSwallows.

IGallants iyiqale ngebatha isizini, kanti besekuvela nemibiko edalula ukuthi ikusasa likaFolz lisengcupheni.