Umqeqeshi weBenin uGernot Rohr uthi iBafana Bafana ibahlule ngenxa yabadlali beMamelodi Sundowns emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba yango-2026 obubanjelwe eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo.
Amagoli eBafana ashaywe uPercy Tau owayedlalela iSundowns ngaphambilini kanye noKhuliso Mudau oyisethenjwa kumaBrazilians.
Yize iBafana igcine inqobe ngo 2-1, lomdlalo uphele sekuminciwe njengoba iBenin ishaye igoli ngomzuzu ka-70.
URohr useqede imidlalo eyisithupha engakaze enqobe nowodwa umdlalo neBenin eyamqasha ngoFebruary.
“Umphumela awukhombisi indlela engibone ngayo umdlalo. Bekusele kancane sibuye nephuzu. Sizamile kodwa sahlulwa abadlali beMamelodi Sundowns abanesipiliyoni,” kuchaza lomqeqeshi ekhuluma nabeSABC Sport.
URohr wakhuluma ngaphambi komdlalo wadalula ukuthi wayibukela iSundowns ixebula iWydad Casablanca kowamanqamu we-African Football League ngempelasonto eyedlule.
Lomqeqeshi uthi isipiliyoni seDowns besibonakala emdlalweni ngoba abadlali bebekwazi ukutholana kalula.
“Asinabo abadlali abatholana kalula eqenjini lethu. Kulula ukuhlanganisa iqembu uma kunabadlali abayisikhombisa abasuka eqenjini elilodwa. IBafana idlale ingcwenga yebhola esiwombeni sokuqala. Isimo somdlalo sishintshile esiwombeni sesibili ngemuva kokwenza izinguquko,” kuchaza uRohr.
IBenin idlale ngaphandle kwesitobha esiyisithenjwa u-Olivier Verdon oshiye ikhempu ngesizathu sikamfowabo omdala odlule emhlabeni.
URohr uthi uVerdon ubezowuqala umdlalo.
“U-Olivier Verdon uhoxile ekhempini ngenxa yokushona kukamfowabo. Unqume ukubuyela emndenini wakhe. Bekunzima ukwenza izinguquko ekugcineni ngoba besihlele ukumqalisa umdlalo.
Umgadli wasophondweni udlale imizuzu engu-35 ngenxa yokuxinwa ukugula. Angibeki izaba, iNingizimu Afrika idlale kangcono namuhla. Ngithemba ukuthi sizokwenza kangcono ngoLwesibili emdlalweni weLesotho,” kubeka uRohr.
IBenin izokhuza ibuya eMoses Mabhida njengoba iLesotho iqoke ukusingatha lomdlalo kulenkundla yaseThekwini.