UMengameli weRoyal AM uShawn Mkhize uthi kungamampunge ukuthi yena uyalela abaqeqeshi ukuba badlalise u-Andile Mpisane ngenkani eqenjini.
“U-Andile ujima neqembu, uyena owangijwayeza ibhola, uyalithanda kakhulu futhi uyalidlala. Isinqumo sokubeka u-Andile ebhentshini sithathwe abaqeqeshi, mina ngichazeliwe kuphela ngesinqumo.
Angilubhadi ejimini njalo ngesonto, angeke ngibe nolwazi lokuthi obani okudingeka badlaliswe. Nginikezwa imininingwane phakathi nesonto mayelana nendlela esizodlala ngayo emidlalweni esuke ilandela,” kubeka uMaMkhize.