Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane ucela bamnikeze isikhathi abalandeli, behlise kancane ekumgxekeni ngoba iqembu alibozi kakhulu.

UZwane uthi uphikwa yimiphumela kuphela kodwa uzinzo useyalubona esikwatini sakhe.

“Kunzima ngoba sibhinjelwa yimiphumela okwamanje, okuhle ukuthi sesiyabona lapho esibheke khona. Siyaqhubeka nokudlala. Abantu abayeke ukungigxeka, akufani nokuthi iqembu liyabhacaza.

Imiphumela ingajika noma yinini, kudingeka sizimisele. Sikhande inqwaba yamathuba, siyakwazi nokunqanda amaqembu uma ehlasela.

Igoli leMarumo langena ngephutha kodwa sengibhekisisile ukuthi yayingathusi iMarumo. Sakhanda inqwaba yamathuba, safika kaningi ebhokisini, sibe nebhadi lokunganqobi.

Sakhanda amathuba sibhekene naMaZulu, sasihlasela kakhulu, okuyinto ebalulekile kimi ngoba ukhombisa intshisekelo yokunqoba. Sahluleka ukusebenzisa amathuba.

Lokho akuchazi ukuthi kufanele utatazele. Angeke sitatazele ngoba sisahamba kahle, sizozama ukulungisa. Siyazi lapho okushoda khona,” kubeka uZwane.