Umgadli weKaizer Chiefs uCaleb-Bonfils Bimenyimana uthi mkhulu umehluko awubone kubalandeli bebhola bakuleli uma esbeqhathanisa nakumazwe adlale kuwo njengoLithuania, Slovakia, Rwanda, Latvia neKazakhstan.

UBimenyimana uthi abalandeli bakuleli bayalithanda ibhola, lokho kumenze wamangala.

“Ngidlalile e-Europe nase-Africa, ngidlale eqenjini elikhulu kodwa ngibona ukuthi abalandeli baseNingizimu Afrika bathanda ibhola kakhulu.

Bayaliphila ibhola, liyinto esiyipesheli kubo. Bengiyazi iKaizer Chiefs ngaphambilini. Bekuyiphupho lami ukudlala kwiChiefs ngoba kwakukhona uValery Nahayo owayengukaputeni weqembu lesizwe.

Ngawabona ama-video akhe kwiChiefs, nami ngaba nentshisekelo yokudlala enkundleni egcwele phama,” kubeka uBimenyimana.