Njengoba esalinde impendulo yekomidi lePSL eliqondisa izigwegwe mayelana nodaba lokukweletwa yiSwallows, umqeqeshi waMaZulu uBrandon Truter uthi izinkinga eziNyonini zikhomba ukuthi ubengakhulumi amanga.
Oyisekela likaNobhala kwiSouth African Football Players Union (SAFPU) uCalvin Motloung ukuqinisekisile ngoMsombuluko ukuthi abadlali beSwallows batelekile, banqaba ukujima ngenxa yokungaholelwa.
Ngesonto eledlule, uTruter wadalula ukuthi iSwallows imkweleta imali njengoba yamxosha esanenkontileka. Uthi izinkinga ezikhungethe iSwallows zikhombisa ngokusobala ukuthi ubengaqambi amanga.
“Ubonile abadlali batelekile kulelisonto. Lenkinga selokhu yaqalwa ngoNovemba. Ngesikhathi ngixoshwa, abadlali bebenenkinga yokungaholi. Ziningi izinkinga kwiSwallows. Akukho okusha kulokhu. Ngiyajabula ngoba abantu sebeyabona ukuthi iqembu libheda kanjani ngoba bekungaveli ekuqaleni,” kusho uTruter.
Lomqeqeshi uthi alukho ushintsho ecaleni lakhe neSwallows.
“Akukho osekushintshile ecaleni lami neSwallows. Udaba ludingidwa iPSL, sengilinde yona ingitshele ukuthi lizoqulwa nini icala. Ngiyathemba iPSL izongisiza ngithole imali engikweletwa yona,” kusho uTruter.
AmaZulu azodlala neCape Town City emdlalweni olandelayo weDSTV Premiership ngoMgqibelo. UTruter akayazi induku selokhu afika oSuthwini, usenqobe kathathu, wadlala ngokulingana kabili.
“Silungiselele iCape Town City. Kukhona abadlali ababanjwe umkhuhlane kodwa sisiqaphile isimo. ICity iyashisa kulezinsuku kodwa lokho akuchazi ukuthi abashayeki. Ukungehlulwa kwethu akubalulekile. Iqembu elibalulekile kodwa sizoqhubeka nokulwa ukuze sizoqeda isizini siphezulu,” kubeka lomqeqeshi.