IPolokwane City ichithe abadlali abangu-16 njengoba isilungiselela isizini ka-2022/23.
IRise and Shine iqede isizini ephelile isendaweni yesithupha, yasala ngamaphuzu amathathu endaweni yamaPlay-Offs.
Phakathi kwabadlali abachithwe yiqembu kukhona unozinti uHarold Ndlovu, Lesiba Nku, Simon Mamudzidzi, Sefoto Ramakgasha, Mokone Mereko, Mxolisi Gumede, Themba Chauke, Dillion Goss, Boysen Mbatha, Camry Thobejane, Kgauhelo Maboea, Thabo Mokwana, Sifiso Mokiti, Rabetswe Rakoti, Mpho Rasilingwane noKutlwano Ntholeng.
IPolokwane iqoke uDuncan Lechesa njengomqeqeshi omusha maphakathi nesizini.
“Abadlali bazosayiniswa baphinde badedelwe, nabo bayazi ukuthi izinkontileka zabo zinosuku lokuphetha kwazo. Akekho ozothuka uma sekufike usuku lokuphela kwenkontileka, yize bephoxekils ngoba bemganyukanga neqembu.
Sizosayinisa abadlali abasha, abanye sebebuya kwiPremier Division. Abanye bazobe beqala ukudlala esigabeni esikhokhelayo.
Sihambela izindawo ezisakhaya sizama ukuthola abadlali abangakwazi ukusiza iqembu likhuphukele kwiDSTV Premiership,” kubeka oyisikhulu sePolokwane uTincy Tema.