Umqeqeshi weTS Galaxy uSead Ramovic usecele abadlali bakhe ukuthi bafake umfutho wokugcina emidlalweni emibili elandelayo ukuze bezobalakela izembe kwiDSTV Premiership.
Akekho owayezitshela ukuthi amaRockets angahlala kuPremiership isikhathi eside kangaka kwazise kwafikwa emidlalweni eyisikhombisa enamaphuzu amabili.
Kwasiza khona ukuqashwa kukaSead Ramovic oselitakulile iqembu.
“Iqembu elihlala ezansi uma kusaqala iligi lijwayele ukugawulwa yizembe kodwa thina silwile, saqhela ezembeni. Sisebenzile sisuka emaphuzwini amabili njengoba sesiqoqe angu-26. Ukusinda ezemi kusezandleni zethu, kufanele sikukhombise lokho emidlalweni emibili esele,” kusho uRamovic.
Mahlanu amaqembu asengcupheni yokuwela ehlathini leGladAfrica Championship uma ebhinjelwa imiphumela emidlalweni emibili esele ngaphambi kokuthi kugoqwe iligi.
IGalaxy ithwele kanzima njengoba iyibambe kunombolo 14 kwiDSTV Premiership. Uma ibhinjelwa yimiphumela emidlalweni esele, kwenzeka nokuthi neminye imidlalo ayiyivuni, bengazithola sebegencwa yizembe.
IGalaxy izotholana neMarumo Gallants namuhla, emdlalweni okulindeleke ukuthi ushise izikhotha phakathi kwalamaqembu a ngaphansi etafuleni leligi. Ukunqoba lomdlalo kungayibeka emaphuzwini angu-29 iGalaxy.