Bazovele eNkantolo yeMantshi eNtuzuma abasolwa ababili abeneminyaka elinganiselwa ku28-29 ngecala lokuthumba umfundi oneminyaka ewu-13 ngoLwesithathu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal uCaptain Simphiwe Mhlongo uthe bazovela enkantolo ngoMsombuluko.
“Abasolwa abathathu bathumba umfundi kanye nomshayeli wemoto ayeyigibele besendleleni eya esikoleni. Umshayeli bamthatha bamfaka ebhuthini yemoto ababehamba ngayo, babuye bamdedela bamshiya eNanda eMachobeni,” kuchaza uCaptain Mhlongo.
Eqhuba uthe icala lavulwa esiteshini samaphoyisa saseNanda. Abasolwa bafune uR1 million kumama wesisulu ukuze basidedele. Uthe umama wakhokha uR90 000.00 kodwa wangadedelwa umntwana.
“Uphiko loKlebe oluphenya ngamacala abucayi kanye no-detective basesiteshini samaphoyisa eNanda benze uphenyo babopha abasolwa akade bese Lindelani okuyindawo engase Ntuzuma, umntwana watholakala emikhukhwini eseNtuzuma. Imali eyayikhishwe umama womntwana itholakele, nemoto okwakuhanjwa ngayo kuyogilwa imikhuba ithathwe amaphoyisa,” kulandisa uCaptain Mhlongo.
Uthe abasolwa bagqunywe esitokisini.