Umdlali weKaizer Chiefs omusha uDillan Solomons uchaza ngendlela ayezizwa ngayo ngesikhathi oyisikhulu seRoyal AM uSinky Mnisi eveza ukuthi kusengaba khona umbangiswano ngaye yize wayesesayinile eNaturena.
USolomons wasayina inkontileka yeminyaka emine neGlamour Boys ngoJuni. Uthi ingxoxo kaMnisi emsakazweni iMetro FM yamthusa yize wayengakze asayine neRoyal AM.
ISwallows yayisivumelene neRoyal AM ngokuyidayisela abadlali abathathu ngemali elinganiselwa ku-R1,5 million.
USolomons ukhulume nabezindaba ngoMgqibelo eFNB Stadium, nokuyilapho lapho ibihlele khona umcimbi wokwethula abadlali kubalandeli.
“Ngangilazi iqembu engangifuna ukulijoyina, angikaze ngishintshe umqondo. Nganginethemba lokuthi indaba izophelela emoyeni ngoba nganginolwazi ngesivumelwano samaqembu.
Ngangithukile ngesikhathi kuphunyuka izindaba yize kungekho okubi engakwenza. Ngangingenalo ulwazi ngeRoyal AM. Ngikhumbula kuthiwa IRoyal AM ifuna abadlali kodwa ngangingazi ngesivumelwano samaqembu. Ngijabule ngokuba kwiChiefs,” kubeka uSolomons.
USolomons (23) ubona kuwumqondo ophusile ukujoyina iChiefs, uthembisa nokuzimisela ukuze iqembu lizoqeda ishobolo leminyaka eyisikhombisa lingazinqobi izindebe.
“Ngathatha isinqumo esibalulekile. Ngaqinisa imizamo ukuze ngisayine kwiChiefs. Ngisebenze kanzima ngesizini edlule ukuze ngizozibonakalisa.
Bekungelula ukuthatha isinqumo ngoba iningi labantu liyafisa ukudlalela iChiefs. Kufezeke iphupho ngisayina kwiChiefs.
Iqembu ligqishe ngesipiliyoni. Silwela ukuqinisa ubumbano eqenjini, lokho kubalulekile. Umoya uphezulu ekhempini yeqembu, ikakhulukazi iqembu elincane elinqobe indebe. Ngiyathemba ukuthi sizonqoba izindebe kulesizini,” kubeka uSolomons.