Akazange awabuyisele emuva amazwi akhe umqeqeshi weCape Town City u-Eric Tinkler ngesikhathi ebeka ngokusobala ukuthi wonke amaqembu akuDSTV Premiership alwela ukufakela iMamelodi Sundowns ingcindezi.
ISundowns izidlela amahlanga kwiPSL, isinqobe iligi amahlandla amahlanu kulandelana. Ngesizini ka-2021/22, iSundowns yengeze iMTN 8 neNedbank Cup.
Eminyakebi elishumi eyedlule, iDowns isinqobe iligi amahlandla ayisikhombisa, yalala isibili kumasizini amabili.
UTinkler utshele abezindaba ukuthi uhlela ukuyiphefumulisa kanzima iSundowns kulesizini ka-2022/23. Uhlalukile eveza ukuthi wonke amaqembu azolwela ukuncintisana neSundowns.
“Kunzima ukwenza kangcono ukudlula isizini eyedlule kodwa izifiso zethu azijikile namanje. Sifuna ukuqeda kwiTop 4, sifakele iSundowns ingcindezi. Wonke amaqembu kwiligi alwela lokho,” kubeka uTinkler ekhuluma nezintatheli emcimbini wokwethula kwesizini ka-2022/23 eRandburg ngoLwesine.
ICityzens izovula isizini ngomdlalo neSundowns eCity of Cape Town Stadium ngoLwesihlanu.