Yize umqeqeshi weStellenbosch FC uSteve Barker ekuqinisekisile ukuthi uZitha Kwinika uzojoyina iKaizer Chiefs ekuqaleni kwesizini ka-2022/23, umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane akafunanga ukuphawula kakhulu.
Kulindelwe ukuthi iChiefs itheze ngamandla emakethe uma sekuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali.
UBarker wakubeka kwacaca ukuthi uKwinika ubheke eNaturena lapho aqala khona ukudlala kwinkulisa. UKwinika wadlalela inkulisa yeChiefs ngo-2014, wagcina edayiselwe iChippa United ngo-2015.
UZwane uthe uselindele abaphathi beqembu ukuthi baqinisekise uma sekunomdlali osesayinile.
“Ngizokhuluma iqiniso, indaba efana naleyo ngizoyishiyela abaphathi. Sizobamba umhlangano nabaphathi, sikhulume ngesigaba esilandelayo. Umhlangano uzoba ngesonto elizayo, lapho kuzovela abadlali abazomsayinisa nalabo abazodedelwa,” kubeka uZwane.
UKwinika (28) wayesabizwa ngoZitha Macheke ngesikhathi esadlala kwiChippa, Thanda Royal Zulu neBidvest Wits ngaphambi kokusayina kwiStellenbosch.
Unqobe indondo yomdlali ovelele kwiStellies, waphinde waqokwa abadlali kwenye indondo.