Umqeqeshi weKaizer Chiefs, u-Arthur Zwane, uzishaya isifuba ngabadlali bakhe kulandela ukunqoba umdlalo wabo wokuqala weDStv Premiership bebhekene neMaritzburg United.

IChiefs ibiqala ukushaya umqeqeshi uJohn Maduka ngesikhathi ititinya iTeam of Choice ngo 3-0 eFNB Stadium ngoLwesibili ebusuku. Amakhosi anqobe ngamagoli avalelwe wumgadli omusha u-Ashley Du Preez, Keagan Dolly noMduduzu ‘Mdu or Die’ Shambalala.

Ekhuluma ngemuva komdlalo uZwane uthe Amakhosi adlala kangcono ngesikhathi ebhekene neRoyal AM, emdlalweni wayizolo abadlalanga kahle umdlalo wonke kodwa kumenza aziqhenye ukuthi bakwazile ukuthola amaphuzu aphelele.

“Besidlala ngezigaba kodwa sikwazile ukusebenzisa amathuba esiwakhile futhi besingawashaya amanye amagoli. Nabadlali abangeneli ngiyaziqhenya ngomsebenzi abawenzile bagcina umfutho ebesidlala ngawo…nabo ngiyabancoma (Maritzburg United) badlale kahle kodwa namhlanje bekungelona usuku abazothola ngalo amagoli, iqembu lami lidlale kahle kakhulu emuva. NoBruce Bvuma udlale kahle kodwa kunamaphushana okusamele awalungise,” usho kanje.

UZwane uthe lo mdlalo uzobafakela umfutho ngaphambi kokubhekana neSundowns ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

“Ukunqoba kuzosifakela umfutho othe xaxa, yonke imildlalo iyalingana kodwa sizobe sibhekene neqembu elenza kahle njengamanje… Sizobona sizomisa kanjani ngoba kunabadlali abangakwazanga ukuqeda umdlalo. Kunabadlali abancane abakhombisa ukulilambela ijezi esizokwazi ukubasebenzisa,” usho kanje.

IChiefs ikhuphukele kunombolo 2 kwiligi kulandela ukunqoba kulo mdlalo.