Umqeqeshi osabambile kwiKaizer Chiefs u-Arthur Zwane ukubeke kwacaca ukuthi bazimisele ngokusayinisa umgadli weRoyal AM uVictor Letsoalo ngoba Isitayela sakhe sifana ncamashi neseqembu.
Ngemuva komdlalo weDSTV Premiership ophele zibambene ngo 2-2 eFNB Stadium, uZwane ulibeke obala iqiniso lokuthi iChiefs inababadlali abaningi abangekho ezingeni.
UZwane uqhathanise abagadli ababili bakuDSTV Premiership okuvela ukuthi iqembu liyabafuna. Ubekhuluma ngoLetsoalo kanye nomgadli weChippa United uBienvenu Eva Nga.
Lomqeqeshi uthe uLetsoalo uyena umdlali ongangena khaxa esikimini seChiefs ngoba uyakwazi ukudlala ibhola. Ushaye amakhala ngo-Eva Nga.
“Kuzoba nzima ukuthola abadlali esibadingayo. Sibheke abadlali basemuva kwesokunxele, izitobha nabagadli. Bangaki abagadli asebeshaye amagoli amaningi ukudlula uPeter Shalulile?
Singamthola yini uShalulile kwiSundowns? U-Eva Nga kuphela ozamayo ukufica uShalulile kodwa akasiyena umdlali ofunekayo kwiChiefs,” kubeka uZwane ekhuluma nabezindaba sekuphele umdlalo.
Amakhosi asemakethe afuna umgadli njengoba uSamir Nurkovic ezohamba ngoJuni. Ikusasa lomunye umgadli uLeonardo Castro limnyama njengoba ithimba labaqeqeshi lingagculisekile ngaye.
“UVictor Letsoalo uyena umgadli ofunekayo kwiChiefs kodwa kunzima ukumthola. Yizona izingqinamba esibhekene nazo lezo. Uma ubheka abadlali basesiswini, bangaki abasezingeni lokudlalela iKaizer Chiefs?
Kufanele sibaphuculule kuqala ngoba asifuni umdlali wasesiswini ozothola amakhadi, sifuna umdlali ozodlala ibhola, onomjiko oya phambili ozophatha nomdlalo. Sifuna abalandeli babuye ezinkundleni bezobukela imidlalo,” kubeka uZwane.
Ukudlala ngokulingana neSwallows kuphuthisele iChiefs ngendawo kwiCAF njengoba iqede endaweni yesine kwiligi. IChiefs I ivunwe umphumela komunye umdlalo owinwe iStellenbosch sibhekene neStellenbosch ngoMgqibelo.