Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane ubone kufanele ancome uSabelo Radebe noRamahlwe Mphahlele ngamagalelo abo emdlalweni weDSTV Premiership beshaya iSekhukhune United ngo 1-0 e-Emirates Airline Park.

Igoli leChiefs lishaywe uMphahlele ngesiwombe sokuqala kulenkundla ayeqale ukudlala kuyo eminyakeni engu-15 eyedlule, esadlalela iSwallows.

UZwane uncome ukuzimisela kukaMphahlele obecathulisa uSiyabonga Ngezana emuva, waphinde washayela izandla uSabelo Radebe ngokuyibamba ishisa esiswini..

“Kufanele uwine imidlalo kulelizinga. Kuyenzeka uwine ngenhlanhla njengoba kwenzekile. Okubalulekile ukuthi sithole imiphumela ngenkani, sibuyise ukuzethemba ukuze abadlali bezobuyelwa ithemba.

Ngijabulile ngibona uSabelo Radebe elwela ibhola. Ungene khaxa esikimini, ngiyamjabulela. Ngiyathemba uzojwayela ngoba unekhono lokudlala ibhola ezinyaweni. Sifuna ukudlala ibhola kwiKaizer Chiefs, hhayi sikhahlele nje.

Ngiyamjabulela uSabelo nabanye abadlali. URama udlale kahle, ubehola iqembu emuva, ngimbonile esiza uSiya Ngezana. USiya uqale ngegiya eliphansi kodwa ukhuphukelwe ukuzethemba umdlalo usuqhubeka. Ngiyathemba sizokwenza kangcono emdlalweni olandelayo,” kusho lomqeqeshi.

Lomphumela ubeke iChiefs endaweni yesine kwiligi, yasondela kwiCape Town City ngamaphuzu amathathu. IChiefs isiyalingana ngamaphuzu neRoyal AM esendaweni yesithathu kodwa iThwihli Thwahla inomdlalo owodwa esandleni.