Umqeqeshi obambile kwiKaizer Chiefs u-Arthur Zwane uphinde wakhala ngabadlali abangekho ezingeni abagcwele eqenjini njengoba behluleke ukuqeda besendaweni ezobafaka kumqhudelwano weCAF.

Sekuyisizini yesibili kulandelana iChiefs ihluleka ukungena kumqhudelwano weCAF. Amakhosi aqede endaweni yesine ngamaphuzu angu-47. Kusengenzeka ihlehle etafuleni njengoba kusazodlala IRoyal AM enemidlalo emibili esandleni.

Ngemuva komdlalo weligi ophele zibambene ngo 2-2 neSwallows, uZwane ubhoke ngolaka eveza amaqiniso ngabadlali beChiefs.

“Abanye abantu bazobona ngokuhlukile. Abanye bazothi ngikhuluma kabuhlungu ngabadlali. Iqiniso ukuthi asinawo abadlali abasezingeni lokudlalela iqembu.

Kukhona inqwaba yabadlali abangekho ezingeni. Angeke uqhubeke wenze amaphutha afanayo. Ngike ngabuza ukuthi iqembu liyakhula yini? Lento ibulala abaqeqeshi kubukeke sengathi abakwazi umsebenzi wabo. Bheka amagoli asingenelayo.

Sihluleka ngisho ukukhanda amathuba okushaya amagoli. Umdlalo weSwallows uyakucacisa lokho, asikwazi ukudlala ibhola. Lokhu kuyaveza ukuthi kunabadlali okungafanele badlalela iChiefs,” kusho uZwane ekhuluma nabezindaba.

IChiefs iyizibukeli kwiSundowns eqoqa zonke izindebe kulesizini. Iqale ngokunqoba iMTN 8 ekuqaleni kwesizini, yalandela ngokuwina iDSTV Premiership sekusele imidlalo emine. IDowns izodlala kowamanqamu weNedbank Cup neMarumo Gallants ngempelasonto.

UZwane uthi iqembu lifukamela abadlali ababozayo, sekufanele liqaphe ngohlobo lwabadlali elibasayinisayo.

“Side isikhathi sifukamela abadlali ababozayo, kufanele kushintshe izinto. Bheka ibhola ukuthi lidlalwa kanjani, ubuje nabadlali esinabo.

IChiefs iyiqembu elikhulu, inkinga abadlali esibalethile eminyakeni eyedlule. Abadlali nabaqeqeshi abadlule abayazi ingcindezi yokudlalela iqembu nokuliyisa phambili. Sengiyabona ukuthi kungani iqembu line inkinga eziningi kangaka,” kubeka uZwane.