Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane uhlaluka ngeqhinga lakhe lokubuyisa izinsuku zenjabulo eNaturena, kwazise iqembu seliqede iminyaka engu-8 lingakaze liphakamise nesisodwa isicoco.

Kuleminyaka engu-8 iChiefs incela izithupha ibukela iMamelodi Sundowns esingomakhonya ebholeni lakuleli njengoba isinqobe iligi amahlandla amahlanu kulandelana.

UZwane uthi ufuna ukuguqula isimo kwiChiefs, ashintshe indlela ekwenziwa ngayo izinto, ayifanise nangesikhathi iSundowns iqasha uPitso Mosimane ngo-2012.

“Uma ukhumbula ukuthi iSundowns ngesikhathi iqoka uPitso. Kwaba khona isikhathi lapho kwakugqoza khona imiphumela, izinto zimapeketwane. UPitso waqhubeka nokubumba iqembu. Kwathi iqembu seliqala ukunqoba, abadlali banyukela ukuzethemba nesitayela sebhola sabonakala. Abadlali bazibona beyingxenye yeqembu, bafuna ukwenza kangcono.

Kwaba lula ukuthenga abadlali ngoba Isitayela sokudlala sasibonakala. Yingakho iSundowns ishaya into ecokeme kuleminyaka eyedlule,” kubeka uZwane.

U-‘10111’ uthi iChiefs ibhacaze ngokuxosha abaqeqeshi abaningi ngoba lokho bekuphazamisa umgqigqo weqembu, kuphoqeleke ukuthi abadlali bajwayele esinye isitayela sebhola.

“Nathi besizama ukwenza ngendlela efanayo kodwa besingafuni ukugcina umqeqeshi oqine ukhakhayi njengoPitso. Bekufika abaqeqeshi abashaya umsebenzi omuhle, izinto zibhede ngenxa yesitayela sebhola esingabonakali. Umqeqeshi omusha ubeqala phansi, akhande esakhe isitayela.

Umqeqeshi ozoqashwa eminyakeni ezayo uzoshiyelwa isisekelo. Angeke ashintshe izinto, kufanele ajwayele ukwenza izinto ngendlela yeChiefs, iqembu lidlale isitayela esisodwa,” kubeka uZwane.