Imenenja yeKaizer Chiefs uBobby Motaung usethembise ukuthi izikhulu zeqembu angeke zigxambukele emsebenzini ka-Arthur Zwane noDillon Sheppard ziphazamise izinhlelo ezithinta abadlali abafunwa abaqeqeshi.

UBobby ubekhuluma nezintatheli eFNB Stadium izolo ngesikhathi iqembu lethula uZwane njengomqeqeshi omusha.

UBobby uthe uZwane unikezwe umbandela wokunqoba izindebe zisuka kwisizini ka-2022/23. UZwane osayine inkontileka yeminyaka emithathu, ubeyibamba kwiGlamour selokhu kwaxoshwa uStuart Baxter ngenyanga eyedlule.

“Umbandela ucacile, kufanele sinqobe izindebe, sibuyise isitayela seChiefs sokudlala. Sifuna ukunqoba izindebe ngesizini ezayo. U-Arthur noDillon (umsizi kamqeqeshi) bayazazi izinhloso zeqembu. Bayabazi ubunzima esibhekene nabo, kuyabheda emakhabetheni ethu, azikho izindebe.

Abalandeli bafuna ukubona iqembu liwina izicoco. Kudala be landela iqembu, bayazi ukuthi ukuqashwa kwethimba elisha labaqeqeshi kuyinkomba yokulwela izindebe nokuphumelela kweqembu,” kusho uBobby.

Lemenenja iphinde yaqinisekisa ukuthi uZwane noSheppard bazoxhaswa ngakho konke abakudingayo.

“Sibheke ukukhuphula izinga nakwezinye izindawo. Bazozikhombela abadlali abadingwa yibo, neqembu lizobasiza lapho kushoda khona. Sizobeseka ngakho konke abakudingayo.

Izindaba ezithinta abadlali abasha zizomenyezelwa ngesikhathi esifanele. Namuhla besimemezela umqeqeshi omusha kuphela. Abaqeqeshi bahlezi benombono ngabadlali abasayiniswayo nalabo abadedelwayo. Izindaba ezithinta abadlali zizomenyezelwa ngesikhathi esifanele,” kubeka uMotaung.