Umqeqeshi obambile kwiKaizer Chiefs u-Arthur Zwane usedalule ukuthi ithimba labaqeqeshi lizobamba umhlangano nabaphathi beqembu ngenhloso yokudingida ngesihlalo sikamqeqeshi.

IChiefs izodlala neSwallows emdlalweni wokugcina weDSTV Premiership ngoMgqibelo eFNB Stadium.

UZwane, obambe izintambo ngokuhlanganyela noDillon Sheppard ngemuva kokuxoshwa kukaStuart Baxter, uthi usekulungele ukuqeqesha iGlamour Boys ngokugcwele.

Ekhuluma nabezindaba ngoLwesine ngaphambi komdlalo weSwallows, uZwane uthe izingxoxo zizoqalwa ngesonto elizayo.

“Ithimba labaqeqeshi lizobamba umhlangano nebhodi uma sekuphele isizini. Okuningi sizokuzwa emhlanganweni,” kubeka uZwane.

UZwane uthi basebenza ngokuzimisela ngenhloso yokulungiselela isizini ezayo, ukuze nomqeqeshi omusha ezokwazi ukuqhubeka nomsebenzi kalula.

“Umqeqeshi omusha uzonikezwa umbiko esiwubhalayo manje ukuze ezoyazi inselelo abhekene nayo kubadlali. Kungakuhle uma engazama ukubasiza abanye abadlali ngoba sizama ukushiya isisekelo esiqinile okuzosebenzela kuso umqeqeshi omusha. Lokho kuchaza ukuthi kunenqubekelaphambili,” kusho uZwane.

IChiefs inethuba lokuqeda endaweni yesibili kodwa kuzophoqa ukuthi ivunwe yimiphumela kweminye imidlalo. Kumele iCape Town City kanye neRoyal AM belahle amaphuzu emidlalweni yabo ngempelasonto. Ukuqeda endaweni yesibili kuzofaka iChiefs kwiCAF Champions League.