Umdlali ochithwe AmaZulu u-Augustine Mulenga usola uMengameli weqembu uSandile Zungu ngokumshaya ngemfe iphindiwe ngoba wayemthembise ukwelula inkontileka yakhe.

UMulenga uthi wathuka esechithiwe oSuthwini. Ungomunye wabadlali abangu-15 abachithwe eqenjini maphakathi nesonto.

Kubukeka sengathi ukulimala kabuhlungu emsipheni ohlanganisa isihluzu neqakala yikhona okudale ukuthi AmaZulu ukuthi amdedele lomdlali kwazise wathinteka ekwelakubo eZambia.

Ekhuluma no-Andile Ncube ohlelweni lweSports Nights Amplified kuMetro FM, uMulenga uthi wakhohliswa uZungu owamthembisa ukumnika inkontileka entsha.

“Ngakhuluma noMengameli uZungu sibabili ehhovisi lakhe. Wangithembisa inkontileka entsha, ethi ufuna ngilale kuMaZulu, nami ngajabula ngamtshela ukuthi ngisafuna ukuhlala.

Wathi uzokhuluma nemenenja yami. Ngathuka imenenja isingichazela ukuthi iqembu liyangikhulula. Ngilimele, akusikho ukuthi ngiyaboza noma alikho iqembu elizongisayinisa ngoba ngilimele. Mina ngikhumbula ukuthi uMengameli wavuma ukwelula inkontileka yami. Sengixakekile ngoba ngilimele manje,” kubeka uMulenga.

UMulenga ukhala ngokuthi uZungu umphuce isinkwa sokondla umndeni wakhe njengoba esengenalo iqembu.

“Ngicela bangitakule kulesimo engibhekene naso, nginomndeni nezingane ezibuka mina. Kuzoba nzima ezimpilweni zabo nakimi. Angeke ngibe nemali yokubasiza manje,” kubeka uMulenga.

UMulenga ushaye amagoli angu-8, wakhanda angu-11 emidlalweni engu-48 oSuthwini. Uthi impilo yakhe iphazamisekile kakhulu njengoba esephelelwe umsebenzi.

“Ngakhuluma nodokotela weqembu ngibuya eZambia. Wathi angizilolonge khona eZambia. Ngambuza ukuthi uchaza ukuthini ngoba ngalimala eqenjini. UMajoro walimala eseGoli kodwa mina sekufanele ngizilolonge ngedwa?

Ngachazela imenenja yami, eyathumela incwadi kuMaZulu kodwa impendulo angikaze mgiyithole. Kuyimanje sekuqale izinkinga, ngikhokha imali yami ukuze ngisizwe i-physio eZambia,” kusho uMulenga.