Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRhulani Mokwena ubonge uBongani Zungu ngokuchayisa amaqembu abemthembise ukumholela izindodla zezimali ngoba egcine esayine eChloorkop.
UZungu (29) wethulwe njengomdlali weDowns phambi kwezinkumbi zabalandeli eLoftus Stadium ebigcwele phama izolo.
Iqembu lakhe elisha limamukele kahle lititinya iKaizer Chiefs ngo 4-0 emdlalweni weDSTV Premiership.
Ukusayina kukaZungu kulandela abanye abadlali abasanda kusayinwa iqembu okungu-Abubeker Nasir, Marcelo Allende, no-Abdelmounaim Boutoil.
“Ngifisa ukubongela iqembu, uMqondisi weqembu uFleming (Berg), uMengameli, uSihlalo abaphathi (Yogesh Singh). Kukhulu abakwenzile besayinisa umdlali. Kuthathe isikhathi eside.
Ngibonga noBongani ngokuhlala ethembeni, ngoba akhona amanye amaqembu abekhuluma naye. UBongani ukhethe ukusijoyina, ubekezelile. Kukhona amaqembu abemthembisa izindodla zezimali.
Kwesinye isikhathi kuyasiza ukuba khona kobudlelwano obuhle phakathi kwabaqeqeshi nomdlali ngoba ubefuna ukuzodlala kithi.
UZungu udlale imidlalo engu-63 kwiSundowns ngesikhathi esayidlalela kusukela ngonyaka ka-2013 kuya ku-2016. Unqobe iligi amahlandla amabili kanye neNedbank Cup ngaphambi kokulibangisa kwiVitoria Guimaraes ePortugal.
“Ngibonga nonina wakhe uBongani, umndeni wakhe obumeseka kulesi sikhathi ngenhloso yokumholela kwiSundowns yize bekukhona namanye amaqembu abemfuna.
Sinenqwaba yabadlali abadlala endaweni kaBongani Zungu, ungumdlali omuhle, okuchaza ukuthi uzoshuba umbango wejezi. Ngibonga iqembu ngokusayinisa uZungu,” kubeka lomqeqeshi.
Siyajabula ngokuthi iqembu lithathe isinqumo sokubuyisa uBongz, sijabulela ukubuya kwakhe, ezolwela indawo yakhe, okuzoba umqansa kuye.