UMengameli waMaZulu uSandile Zungu usephumele obala ngokufuna ukubuyisa uLuvuyo Memela eqenjini njengoba wayekade echithwe ngoJuni.

UMemela wahamba kuMaZulu ngemuva kokubhuntsha kwezingxoxo zenkontileka entsha. Inkontileka yakhe yayiphela ngomhlaka 30 Juni 2022.

“Sizimisele kakhulu ngokusayinisa uMemela, inkinga ukuthi inkontileka yakhe seyaphela, sekuyaphoqa ukuthi sivumelane kuqala uma sizoya phambili ngezingxoxo. Kunzima ukuqhubekela phambili uma singavumelani.

Sizomdedela ayosayina eqenjini elizomjabulisa. UMemela samdedela ngoba inkontileka yakhe yayiphela. Siyabonga ngomsebenzi wakho eqenjini, simfisela inhlanhla eqenjini azolithola.

Ngikholwa ukuthi uMemela usengadlala isizini ephelele. Angeke ngimangale uma esebukisa ngathi mhla sibhekana neqembu lakhe elisha. Kuzoba nzima uma singavumelani ngenkontileka entsha,” kusho uZungu.

NgoMsombuluko, uMemela uqokwe njengomdlali ovelele okhethwe abadlali ngesikhathi AmaZulu esingathe umcimbi wokuklomelisa abadlali ngesizini ka-2021/22. UMemela uphinde wanqoba indondo yomdlali ovelele ekukhandeni amagoli, waphinde wawina eyomshayimagoli ohambe phambili.