UDumisani Zuma osejoyine AmaZulu FC, useshiye amazwi okubonga kubalandeli beKaizer Chiefs ngemuva lokudedela kuleliqembu.

UZuma udedelwe iChiefs emasontweni amabili adlule ngemuva kweminyaka emihlanu eNaturena. Uxoshwe esasalelwe unyaka owodwa kwinkontileka yakhe ngesizathu sokuba yihlongandlebe.

UZuma usheshe sathola ikhaya elisha oSuthwini olumnikeze inkontileka yeminyaka emine.

Yize iChiefs yanameka uZuma ezinkundleni zokuxhumana imgxeka ngokuba ihlongandlebe, lomdlali uzehlisile, wabhala amazwi okubonga ekhasini lakhe ku-Instagram.

“Ngiyabonga kakhulu ngothando nokungeseka eningikhombise khona Kuleminyaka engiyihlale kwiKaizer Chiefs.

Ngibonga abaphathi beqembu, ithimba labaqeqeshi, abadlali nabalandeli bonke. Ngiyabonga ngokunginikeza ithuba lokudlalela iqembu elikhulu njengeChiefs.

Ningikhulisele ukuzethemba ngethalente lami engikwazile ukulikhombisa izinkumbi zabalandeli baseNingizimu Afrika abathanda Ibhola.

Isipiliyoni enisitholile nezifundo eningihlomise ngazo ziqhamuka kwizincebiso eninginikeze zona. Ukugxekwa kungikhulisile kakhulu. Sengilindele ngabomvu ukubona ukuthi ngizothola ini eqenjini elisha. Ngizohamba nezifundo engizithole eminyakeni emihlanu engiyihlale kwiChiefs. Amakhosi for Life,” kubeka uZuma.

UZuma ushaye amagoli angu-13, wakhanda amagoli angu-11 emidlalweni engu-103 ayidlale ePhefeni.