UMengameli waMaZulu uSandile Zungu ukubeke obala ukuthi abagadli abasha uDumisani Zuma noGabadihno Mhango bazoqondiswa izigwegwe uma behluleka ukuziphatha ngendlela efanele eThekwini.

UZuma uxoshwe yiKaizer Chiefs esasalelwe unyaka owodwa kwinkontileka. IChiefs ikhale ngokuthi lomdlali uyihlongandlebe, sebehlulekile nokumsiza.

Yize imenenja kaZuma ikuphikile kwabezindaba ukuthi lomdlali ubheke oSuthwini, uMengameli waMaZulu ukuvezile ukuthi uZuma usesayine neqembu lakhe.

Ekhuluma no-Andile Ncube ohlelweni lweSports Nights Amplified, uZungu ubeke kanje:

“Sizomemezela abadlali abazojoyina AmaZulu ngesonto elizayo. Kukhona abadlali abadumile kubalandeli, abanye sebedlala isikhathi eside kwiPSL. Abanye abadlali abangadumile kakhulu ebholeni lakuleli ngoba basuka kwamanye amaligi.

Ngibala no Dumisani Zuma lapho, kungenzeka asayine noma engasayini,” kusho uZungu.

UZungu ukubeke obala ukuthi abadlali boSuthu kufanele baziphathe ngendlela efanele eqenjini.

“Bonke abantu bayazi ukuthi uZuma unethalente, futhi kuyaziwa ngezinkinga zakhe zokuhluleka ukuziphatha kwiChiefs. Kufanele ukubhekisise okukhulunywa iChiefs ngabadlali bayo ngoba angeke iqembu elihloniphekile njengabo lizame ukulimaza abadlali ngenhloso.

Bekufanele atshelwe ezikabhoqo uDumisani ngoba uphoxile kwiChiefs. Uma ezosayina kuMaZulu, kufanele sikufake ekhanda ukuthi uZuma ubenenkinga yokungaziphathi ngendlela kwiChiefs. Kuyaphoqa sikhulume naye, simtshele esikulindele kuye. Silindele ukuthi aziphathe ngendlela njengoba umthetho weqembu usho. Sizokubona indlela kodwa kufanele uziphathe kahle.

Siyamthanda uDumisani, kuyaziwa ukuthi unethalente elimangazayo. IKwaZulu-Natal iyikhaya lakhe,” kusho uZungu.

UZungu uthembise ukuqinisa isandla kubadlali abahlulwa ukuziphatha.

“Abadlali abazoba yingxenye yeqembu kufanele bazi ukuthi abekho eholidini, bazofakwa uswazi ngoba asifuni iqembu ligcwale abantu abangaziphathi kahle. Ibhizinisi leli.

Abalandeli bafake izinhliziyo kuleliqembu, kufanele bathole umvuzo wabo. Asilindele ukuthenga umdlali ozohlulwa ukuziphatha eqenjini noma kunguDumisani Zuma, Gabadihno Mhango noma abanye abadlali.

Siyabathanda abadlali, sizobeseka ezimpilweni zabo, siqinisekise ukuthi bazoba usizo emphakathini,” kuphetha uZungu.