Oyisikhulu seRoyal AM uSinky Mnisi ubekhipha amaqiniso esithangamini sabezindaba abesihlele namuhla ePremier’s Hotel eThekwini.

UMnisi ubize izintatheli ngenhloso yokuzivikela kwimibiko esabalele kwabezindaba ekhomba ukuthi umisiwe kwiThwihli Thwahla.

UMnisi uthi kungamampunge ukuthi uqashe ubhululu wakhe uKhabo Zondo ngoba uMengameli weqembu uShauwn Mkhize wayekhona ngesikhathi kuqashwa lomqeqeshi.

IRoyal AM iqashe uZondo obesehlale iminyaka engaphezulu kwemihlanu engabonakali ebholeni kuleli. UZondo waqashwa ngesikhathi umqeqeshi uJohn Maduka esula isigubhukane eyosayina kwiMaritzburg United.

“Kukhona abantu abathi ngifuna ukucwilisa iRoyal AM. Ngizokwenza kanjani lokho sengisebenze kangaka eqenjini? Angikaze ngiqashe uKhabo Zondo ngaphandle kokukhuluma nabaphathi beqembu.

UMengameli weqembu uyamazi uZondo, wakhuluma naye sekuthathwa isinqumo. Yebo ngiyamazi uZondo kodwa asibona abangani. UZondo sahlala naye phansi ekhona uMaMkhize. UMengameli (MaMkhize) uyena owathatha isinqumo sokuqasha uZondo.

Angikaze ngifake isicelo somsebenzi kwiRoyal AM, bangicela bona. Kujwayelekile ukuthi isikhulu sihlolwe ngomsebenzi wenkampani,” kubeka uMnisi.