Akazimisele ngokuphonsa ithawula engalwanga uRenaldo Gouws oxoshwe yiDemocratic Alliance ngenxa ye-video eyaqoshwa eminyakeni engu-15 eyedlule, acwasa kuyo abantu abamnyama. 

Kule-video, uGouws waphimisa inhlamba ebhekiswe kwabamnyama, ebabiza ngegama elisabekayo eliqala ngohlamvu u-K. 

Ukuvela kwe-video kwasusa izikhalazo kwabohlanga, neDA yaqoka ukumphenya uGouws.

NgoLwesihlanu, iDA iqinisekise ukuxoshwa kukaGouws obeyilungu lePhalamende. 

UGouws ubhale ekhasini lakhe kuTwitter, waveza ukuthi usazobheka izindlela zokulwisana nesinqumo, kugezeke negama lakhe. 

“Ngiyalihlonipha iqembu kodwa angivumelani nesinqumo esithathwe yikomidi ebelingiphenya. Eminyakeni ngisebenzela umphakathi, bengizinikela kubantu, umthethosisekelo, isifundazwe nezwe. Bengizikhandla ngoba ngilwela bonke abantu baseNingizimu Afrika, bengingakhethi ibala, uhlanga noma usikompilo. 

“Kungiphule inhliziyo ukuxoshelwa into engahlangene nomsebenzi wami njengesisebenzi somphakathi. Kungiphula umoya ukuthi ngixoshelwa inkulumo engayiphimisa eminyakeni engu-15 eyedlule. Inkulumo yami ayikaze ihlaziywe ngendlela, kodwa isibhekiswa ngakimi sengathi ngiyiphimise ngonyaka odlule.”

UGouws usole umona kubantu abazama ukungcolisa igama lakhe njengoba enerekhodi elihle esebenzela uhulumeni eminyakeni engu-16 edlule.

“Ngidlulisa ukubonga kubalingani engisebenze nabo nabalandeli abangesekile eminyakeni edlule. Angeke ngiyeke ukulwela iNingizimu Afrika engcono. Noma sekuphelile ngohambo lwami kwiDA, awuphelile umsebenzi wokuzinikela ezweni. 

“Ngizoqhubeka ngilwele ubulungiswa nempilo enhle kubantu baseNingizimu Afrika. Ngizozinikela ngobuqotho noma ngingasekho kwezepolitiki.”

UGouws uthembise ukuzilwela, ageze negama lakhe. 

“Kuseqhulwini ukusebenzela umphakathi nokuzinikela emsebenzini wami. Ngiyabonga kubantu abangesekile kulesikhathi esinzima. Ngiyajabula ngoba kuyabonakala ukuthi kunabantu abangathikanyezwa okushiwo abezindaba.”