Sphamandla Gumede

Akajabulanga ngomphumela womdlalo umqeqeshi we-Orlando Pirates uJosef Zinnbauer obebalisa ngephuzu abalithole bedlala ngokulingana neBaroka izolo.

Umdlalo uphele zibambene ngo 1-1 e-Ellis Park, okuwumphumela oshabalalise amathemba eBucs okunqoba isicoco seligi.

“Umphumela yiwona obalulekile. Sihlulekile ukuthola amaphuzu amathathu, sathola iphuzu elilodwa. Angijabule ngalomphumela. Bekumele siwuphathe umdlalo. Sihlulekile ukuthatha izinqumo ezifanele uma sesibhekene namapali. Besingakwazi ukwehlisa umoya obekwenza sihluleke ukushaya amagoli,” kuchaza uZinnbauer ecashunwa abeSuperSport TV ngemuva komdlalo.

UZinnbauer uqalise umgadli Tshegofatso Mabasa, okube yisinqumo esihle njengoba lomdlali eshaye igoli ngomzuzu ka-16. U-Evidence Makgopa ushayele iBaroka igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-35.

Lomqeqeshi uthe uyamjabulela uMabasa kwazise igoli lakhe lizombuyisela ukuzethemba.

“Igoli leBaroka bekuyi-offside. Kodwa umdlalo webhola unjalo. Sihlulekile ngoba amathuba siyawakhanda kodwa amagoli lutho ukuwashaya. Yingakho sibuye nephuzu elilodwa. Ngiyamjabulela uMabasa ngegoli lakhe. Ushaye igoli eqala ukukhahlela epalini, wanyukelwa ukuzethemba. Okubi ukudedela igoli ngendlela engagculisi. Ngiyamjabulela uMabasa kodwa angeneme ngomphumela,” kuchaza uZinnbauer.

Ngalomphumela, iBucs ayinyakazanga kwiligi njengoba isahleli endaweni yesithathu kwi-Absa Premiership ngamaphuzu angu-43.

EzikaZinnbauer zinethuba lokuwina okokuqala emidlalweni eyisithupha yeligi uma sezivakashela iCape Town City evutha ingabaselwe kulezi zinsuku eLoftus Versfeld ngeSonto.