Owayengumqeqeshi we-Orlando Pirates uJosef Zinnbauer uthi uyadideka uma ebona uGabadihno Mhango ekhuhla ibhentshi kodwa uyakuqonda ukuthi ushubile umbango wejezi eqenjini.

UMhango, obeshisa izikhotha kwi-Africa Cup of Nations ngoJanuary, usabonakale emidlalweni emihlanu kuphela kwiDSTV Premiership kulesizini.

Lomgadli ubeyinsika yeqembu kusekhona uZinnbauer, ikakhulukazi ngesizini ka-2019/20 eba ngumshayimagoli ohamba phambili kwiBucs.

Ekhuluma nabeDiskiTimes, uZinnbauer uthe angeke agxeke abaqeqeshi ngoba uMhango ubenakho ukwehlelwa yizinga ngesikhathi esaqeqesha.

“Ngiyadideka. Kodwa akulona iphutha labaqeqeshi. Angeke ngisole abaqeqeshi ngoba uMhango engadlali. IPirates inenqwaba yabagadli. UMhango useke wehlelwa ifomu ngisekhona kwiPirates, yingakho ngingeke ngisole abaqeqeshi.

Abadlali banakho ukuphelelwa yifomu kwesinye isikhathi, kujwayelekile ebholeni lokho,” kusho uZinnbauer.

Lomqeqeshi uthi isikhathi sakhe kwiPirates saphazanyiswa ukulimala kwabadlali abamqoka, ikakhulukazi abagadli.

“Angeke ugxeke abaqeqeshi noma indlela yokudlala. Nomdlali kufanele athole umgqigqo. Uma umdlali esebuyelwe ifomu, uyawashaya amagoli. ULepasa wayesefomini enhle ngaphambi kokulimala. Kuyafana nesimo sikaMabasa, Wayesefomini kodwa wathinteka maphakathi nesizini, kwaphoqa ukuthi ngidlale ngaphandle kwabagadli.

Kwalimala bonke abagadli, bethinteke kakhulu. Kufanele uLepasa anikezwe isikhathi ngoba ubelimele, noMabasa udinga isikhathi ulimala njalo.

Kufanele athole isikhathi sokuphola umdlali. Abanye babuya ngokushesha, abanye kuthatha isikhathi eside. Uma ungumqeqeshi, lezi izinto ongasoze wazilawula. Kuyenzeka ibhadi liqonde kuwe, noma zikukhanyele izinto,” kubeka uZinnbauer.