Njengoba iBaroka ilungiselelela ukuyoqala impilo entsha kwiGladAfrica Championship ngesizini ka-2022/23, uSihlalo uKhurishi Mphahlele uthi uphoxekile futhi uzigxeka yena ngokubukela iqembu ligawulwa yizembe.
IBaroka yehlele kwiGladAfrica ngempelasonto ishaywa iMaritzburg United ngo 1-0 eMphithi, okuwumphumela oyishiye ibambe amabhuleki kunombolo 16.
IBakgaga isiqede iminyaka eyisithupha kwiPremier Soccer League, yanqoba neTelkom Knockout ngo-2018 ishaya i-Orlando Pirates.
UMphahlele ubone kufanele azisole yena ngoba iqembu ligawulwe yizembe.
“Ngiphoxekile kakhulu. Anginawo amazwi okuchaza indlela engiphoxeke ngayo. Sonke senze amaphutha maphakathi nesizini, kufanele sigxekelwe ukugawulwa yizembe. Angeke ngikhombe abanye abantu, ngiyazigxeka nami ngoba kukhona izinto obekufanele sizilungise ngenye indlela.
Kufanele sizisole sonke eqenjini ngenxa yesimo esizithola sikuso. Mina ngizibuza ukuthi ikuphi engingakwenzanga ngesikhathi izinto zibheda? Ngiwumholi ngiyazifaka, kodwa akusona isikhathi sokukhombana ngeminwe.
Kuyaphoqa ukuthi ngigxekwe nami ngoba bekufanele ngilandelele ukuthi abantu bayayenza imisebenzi yabo, ngiphinde ngithathe nezinqumo ezinzima uma izinto zingalungi
Bengizogxekwa vele ukube ngatatazela ngokuthatha isinqumo ngesikhathi izinto zibheda ekuqaleni. Ngangizophinde ngigxekelwe ukuthatha isinqumo isikhathi sesihambile ngoba sengibona ukuthi isimo sishubile.
Bengizogxekwa ukube angisithathanga isinqumo. Angeke ngikhombe abantu ngokwemisebenzi yabo ngoba bebesebenza ngaphansi kwesandla sami, yimi obekufanele abakhombise indlela njengomholi,” kusho uMphahlele.
UMphahlele uthi iBaroka izobuya kwiDSTV Premiership kungekudala.
“Ngiyaziduduza ngokuthi ibhola linje, njalo ngesizini kuneqembu elidliwa yizembe. Akwenzeki ngenxa yebhadi kodwa ugawulwa yizembe uma uhluleka ukusebenzisa amathuba maphakathi nesizini.
Kuzoba kuhle ukubuya kwiPremiership ngokushesha. Sizozama ukubuya ngokuphazima kweso. Kufanele sisebenze ngokuhlakanipha, silungise amaphutha. Kuyenzeka ubone izinto zenzeka, uzitshele ukuthi zizophumelela kanti ushaye eceleni.