PHUMELELE NXUMALO
UNYATHELA ngonyawo olwehlukile kwezomphaqulo uMandisa Msomi waseMbumbulu onebhizinisi lokuphaqula abantu.
UMandisa (25) ungumsunguli nomnikazi weMandiey’s Facebeat okuyibhizinisi lokuphaqula abantu ngokwehlukile. Uthe, ngo-2018 wasungula ikhasi enkundleni uFacebook ngenhloso yokuthi abantu babone umsebenzi wakhe njengoba ayeseqedile esikoleni. Uthe, ukuba ngumama yikhona okwamgqugquzela ukuba asungule leli bhizinisi.
“Iziphaqulo aziyona into yokuzifihla kodwa ziyindlela yokuziveza ubuwena obungaphakathi. Ukuba ngumama kwangigqugquzela ukuba ngibe ngumphaquli. Ngangifuna indodakazi yami ikhule ibuka unina wayo enza into ayithandayo nemjabulisayo,” kusho uMandisa.
Uthe, ukusebenza ngokuzimela kuyamsiza kakhulu ukuze ahlangane nabantu abasha.
“Ngihambela izindawo ezehlukene ngokwebhizinisi, ngihambela nasemakhaya. Kungcono ukuhamba yonke indawo ukuze uhlangane nabantu abasha uthole namanye amathuba,” kusho yena.
Lo somabhizinisi uthe kumethusile futhi ujabule ngendlela abantu abawamukele ngayo umsebenzi wakhe. Uphinde waveza ukuthi ukuvalwa kwezwe thaqa ukuze kuliwe nokubhebhetheka kokhuvethe kulithikamezile ibhizinisi lakhe njengoba ubengaqashwa kakhuku.
“Obekunzima kakhulu ukungakutholi ukuqashwa okwenele kanye namakilayenti abeshintsha umqondo esebekise isikhala ngenxa yokhuvethe, kodwa sesiphezu kwakho manje,” kuqhuba yena.
Umandisa uthe, ufisa ukuba ngungoti kulo mkhakha abanye osomabhizinisi abazoya kuyena ukuze bathole amacebo amasha.
“Ngithole ukwelulekwa okuyisimanga ngakho ngifisa ukunikeza umhlahlandlela ofanayo, ngigcine sengisesikhundleni sokuba ngumphathi. Ngiyawuthanda kakhulu umsebenzi wami ngifisa konke kuhambe kahle,” kuphetha uMandisa.
UMandisa uneziqu zeDiploma kwiBeauty Therapy azethweswe eCam Ford Academy.