ICape Town City iseqhulwini lamaqembu agaqele ukusayinisa uLebogang Manyama ochithwe yiKaizer Chiefs ngesonto eledlule.
Inkontileka kaManyama ayelulwanga kwiGlamour Boys ahlale kuyo amasizini amathathu. Ujoyine iChiefs ngo-Agasti 2018 esuka kwiKonyaspor yaseTurkey adlala kuyona isizini eyodwa.
Wasayina kwiKonyaspor eqeda ukukhonya kwiDSTV Premiership neCityzens njengoba aqokwa njengomdlali ovelele nomshayimagoli ohamba phambili ngesizini ka-2016/17. Wayegila izimanga kukhona u-Eric Tinkler, naye owahamba wagcine esebuyile.
Ngokomthombo weGibela Sport ongashayi eceleni, uManyama (31) ufunwa uthuli iCity elungiselela ukuyodlala kwiCAF Champions League ngesizini ka-2022/23.
Kuvela ukuthi iqembu lizimisele ngokumsayinisa kodwa lisafuna ukuqala lihlole isimo sakhe kwazise ubelimele isikhathi eside.
ISekhukhune United neSuperSport United nabo bahleli ezithendeni zikaManyama njengoba kuvela ukuthi baxhumane nemenenja yakhe ezinsukwini ezedlule. Kungenzeka iSuperSport ihoxe emjahweni ngoba ikhala ngeholo likaManyama elimba eqolo.