Ummeli kaKelly Khumalo uthi abazi lutho ngedokodo lesibili ebelikade lidingidwa enkantolo enkulu yaseGauteng, ePitoli izolo, elikhomba lo mculi nalabo ababesendlini ngenkathi kudutshulwa uSenzo Meyiwa ukuthi babekwe amacala. 

Ummeli kaKelly uMagdalene Moonsamy utshele isiteshi sezindaba i-eNCA ukuthi uzobhalela iNational Prosecuting Authority ukuthola ulwazi ngedokodo lesibili ecaleni lokubulawa kuka Meyiwa.

“Angikaze ngilibone leli dokodo kodwa ummeli wabammangali abane ungithumelele isethulo asenzile. Okubhalwe kulo mqulu asikwazi mina nekhasimende lami,” kusho uMoonsamy.

Uthe amaphoyisa nombuso awukaze uze kubo ngo 375, sikhale ku 636. U375 asiwazi. “Sidinga ukwazi amaqiniso akwidokodo. Uma sesiwazi kuzobe sekulula ukuthi sisho okuyikona bese siyaqinisekisa ukuthi lagunyazwa ngokusemthethweni yini,” kuchaza uMoonsamy.

Izolo ummeli womunye wabasolwa kuleli cala u-advocate Zandile Mshololo ucele ukuba inkantolo imnike isikhathi sokuthi ayofunda leli dokodo elikhomba uLongwe Twala, Kelly Khumalo, Zandile Khumalo, Tumelo Madlala, Mthokozisi Twala kanye no Maggie Phiri ukuthi kumele bathweswe amacala okubulala nawokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.

Icala lizoqhubeka ngoMsombuluko.